No patents on life

Ulwazi Lwendabuko Amalungelo
Okungokwengqondo, Nokuba Nelungelo Lokwenza
Izidalwaezinye zibe ngezomuntu
ULWAZI LWENDABUKO
Ulwazi Lwendabuko (ngokwemvelo) luneqhaza elikhulu kwezomnotho,
kwezomphakathi, kwezamasiko nasentuthukweni, hhayi kwezomphakathi wesimanje
kuphela.
Esikhathini esizayo kusazoqhubeka kube njalo, ikakhulukazi uma sicabanga ngeqhaza
elibanjwa yisayensi (ezocwaningo) ngokwemisebenzi, izindlela zemikhiqizo
enomthelela ekudaleni isimo esibucayi semvelo namuhla.
Ulwazi Lwendabuko luvamise ukuba yimpahla yomphakathi, njengolwazi lwezitshalo
ezisetshenziswa ekwelapheni.
AMALUNGELO NGOKUNGOKWOMQONDO (IPR)
Loku kuhlanganisa amalungelo okugodla ulwazi, amalungelo okusebenzisa
okungumkhiqizo wenqondo yomunye umuntu, njengezincwadi, noma umshini
wokwakha izitini. Kodwake, ososayensi (ongqondongqondo) abasebenza ngezempilo
nabakhiqiza ngemvelo sebelisebenzisa kakhulu lelilungelo i-IPR , ukwenza izidalwa
ezinempilo zibe yimpahla yabo, njengesitshalo esibizwa nge Hoodia esingesase-Mzansi
Afrika, nazo izimbewu ezishintshwe izimpathafuzo.

Izimbewu ezishitshwe izimpathafuzo ziyimpahla yenkampani ezakhile, ngokomthetho wamalungelo
okugodla ulwazi.Uma usebenzisa lezizimbewu, usayina isibophezelo nenkampani leyo ukuthi
awuzukuzigcina izimbewu zesivuno sakho ukuze ubuye utshale ngokuzayo, noma uthekelise ngazo kwabanye abantu–udingeka futhi ukuthi minyaka yonke ukhokhele leyonkampani inani elithize ngokusebenzisa izimbewu eseziyimpahla yayo. U-Monsanto useke wamangalela abalimi eMelika naseCanada, izitshalo zabo ezonakaliswa yizimbewu ezishintshwe izimpathafuzo ezaziqathaka ezinqoleni ezidlulayo, ziwela emasimini abo; ngalokho babekwa icala lokwephula umthetho wamalungelo okugodla

Ngokwesivumelwano SeNhlangano YoHwebo KaZwelonke (WTO – World Trade
Organization), ikakhulu isivumelwano sokuhweba esithintene namalungelo okwezobuhlakani – phecelezi i-TRIPS, amalungelo okuphathelene nokomqondo avikelwe kanzima kakhulu. Abaningi abantu bacabanga ukuthi i-TRIPS iyashayisana nezinye izivumelwano zomhlaba wonke, kanye naleso esibhekelene neMvelo Enhlobonhlobo (CBD) eyona UMzansi Afrika ungomunye wamazwe asayina esivumelwaneni sokubhekela ukuphepha kwemvelo, futhi ebhekele nokuthi ufuzo ezidalweni nolwazi lwemvelo lunokunikezelwana (ukuthekelisana ) lusetshenziswe. Diakonia Council of Churches, Environmental Justice GMO course, July 2007 Ukuphanga imvelo

Ukuqola noma ukuphanga imvelo kungukusebenzisela imvelo ngezihloso sokuhweba.
Izinkampani zizinika amalungelo okugodla izitho ezithile ezitholakala esitshalweni,
zisebenzise futhi ulwazi lwendabuko-lwemvelo ngaphandle kwemvume (PIC) futhi
abantu abavamise ukuthekelisana ngalolululwazi bashiyeka ngaphandle emalungelweni
okuhlomula, kugcina kungabacwaningi kuphela abathola inzuzo ngokudayisa,
nemikhiqizo ngaleyo mphahla. Uma kwenzeka ngaleyondlela , kuthiwa ukuphanga
nokuqola.
OKUMELE KWAZEKE NGEMIPHUMELA YE (IPR)

• Ukuphela kokwabelana nokuthekelisana ngokukhululeka ngolwazi nezinto
IMIBUZO EQAVILE
Ukungagodlelani amalungelo empilo?

REFERENCES
A patented world? Privatisation of Life and Knowledge.
Heinrich Boll Foundation 2006.
Biodiversity prospecting & access and benefit-sharing. An introductory primer.
Sarah A. Laird & Rachel Wynberg. IUCN. 2003 Indigenous Peoples Rights Act (IPRA). The Phillipines. 1997.
Intellectual Property, Biodiversity and Sustainable Development: Resolving
the difficult issues. Martin Khor. Zed Books and Third World Network. 2006
Why you should avoid genetically modified foods. Earthlife Africa eThekwini 2006.
Diakonia Council of Churches, Environmental Justice GMO course, July 2007
Isithombe sika Zapiro sitshengisa UMlimi Oyingulube
( Mail and Guardian, 19.02.04)
Zapiro’s Cartoon translation: “Umlimi Ngulube”
1.1 Umlimi Ngulube watshala entsha imbewu ekuthiwa i – GM 1.2 Yakhula ngokushesha yaze yadlula konke okunye 2.1 “Nginganisiza”, kusho Umlimi Ngulube, esho komakhelwane ebadayisela lembewu. 2.2 Ngokushesha ababange besakwazi ukutshala okunye. 3.1 Umlimi Ngulube wanotha, ngoba wayesenelungelo lokugodla imbewu. 3.2 Umlimi Ngulube wayewazi umqondo omuhle uma ewubona. 4.1 Umlimi Ngulube wayesehamba umhlaba wonke edayisa lembewu yakhe. 4.2 Kepha ngasizathu sithize akusiye wonke umuntu owayefuna lembewu 5.1 Wayeseyithola ke indawo eyayiyifuna lembewu yakhe. 5.2 Namukelekile Mzansi Afrika Iisango leAfrika. 6. Umlimi Ngulube wayelazi iqoqo leziwula uma elibona. Diakonia Council of Churches, Environmental Justice GMO course, July 2007

Source: http://www.diakonia.org.za/attachments/108_isiZulu%20patents%20document.pdf

Tasc, inc

A Primer on Drug Addiction, Crime, and Treatment Part 4 of 4 in the Series on Disproportionate Incarceration of Minorities for Drug Crimes Illinois Criminal Justice Information Authority This research was supported by Grant # 02-DB-BX-0017 awarded by the Bureau of Justice Assistance, Office of Justice Programs, U.S. Department of Justice, through the Illinois Criminal Justice Information Author

respur.fr

The reduction of rhinitis symptoms by nasal filters during naturalexposure to ragweed and grass pollenBackground: Prototype nasal filters were developed to collect inhaled pollen. This study evaluated the efficacy of the filters for prevention of rhinitis symp-toms during acute outdoor pollen exposure. Methods: A randomized double-blind design was used. Subjects (n ¼ 46) with a1Woolcock I

Copyright © 2009-2018 Drugs Today